Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, usephumele obala ngesinqumo sakhe sokuqalisa uDillon Solomons ngesikhathi ezakhe zibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni oshiye abalandeli abaningi baMakhosi bekhala. Kulo mdlalo obungoMgqibelo iChiefs inenebulwe ngo 4-0, futhi kwasala kancane amagoli afinyelele ku-5.
Izinkinga zeChiefs zaziningi kulo mdlalo. Kusukela kumaphutha kaSiyabonga Ngezana emuva, ukuhluleka ukugcina ibhola esiswini kanye nokungahlangani kahle kwezinto uma iya phambili ihlasela. Indlela iChiefs edlale ngayo ibingafani neze nesakubona inenebula iMaritburg United ngo 3-0. Isizathu esikhthu salokhu ukungabibikho kuka-Ashley Du Preez phambili.
Echaza ngokungabibikho kwakhe kulo mdlalo, uZwane ukulimala kwalo mdlali ngaphambi komdlalo yikho okwamenza enze izinguquko.
“Ukuze sigcine isivinini phambili, sabona kungcono siqalile uSolomons ngoba useke wadlala ophondweni futhi yindawo ayijwayele. Sasilindele ukuthi asiphe isivinini esayidini ayedlala kulo. Sasifuna ukudalela udonga lweSundowns izinkinga ngabadlali abanesivinini abahlengene. Kodwa ke akwenzekanga, sifunde okuningi kulo mdlalo, sizoba ngcono ngokuhamba kwesikathi,” kusho uZwane.
IChiefs izobhekana neRichards Bay FC ngeSonto.