Owayengumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana, uBernard Parker usekuhlabile ukuvalelwa ngaphandle kwabadlali asebekhulile ngokweminyaka ebholeni lakuleli. UParker, 36, udedelwe yiKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini edlule, wazama inhlanhla kwiSupersport United, kodwa ugcine esayine kwiTS Galaxy. Lo mdlali ubesehlale iminyaka ewu-11 kwiChiefs, eqoke ukungayivuselile inkontileka yakhe.

Engxoxweni ne-website yeTS Galaxy, uParker uthi abantu bakuleli kumele bahlulele abadlali abadala kuleli ngezinga abalikhombisayo enkundleni.

“Siyashesha ukwahlulela abadlali abadala. Kumele ukwahlulelwa kwabo kuhambisana nokubuka indlela abadlala ngayo enkundleni. E-Europe kubukwa indlela umdlali adlala ngayo nokuthi balenzelani iqembu, hhayi iminyaka yakhe. Kubukwa nokuthi abadlali abancane bazofunda kwabadala. Uma ubuka e-Europe, onke amaqembu amakhulu anabadlali abadala abadlala indima ebalulekile.

“Ngikhuluma ngabadlali abaneminyaka engaphezulu kuka-35; oCristinao Ronalod, Zlatan Ibrahimovic. UZlatan ubuyele kwi-AC Milan wayisiza yanqba iligi. UThiago Silva ujoyine iChelsea futhi wayeyingxenye enkulu ekunqobeni kwayo iChampions League. Baningi abanye engingababala.”

UParker uwukhuzile umkhuba wokudlalisa abadlali abancane ngokweminyaka abangenabo abaholi enkundleni.

“Uma sifuna abadlali bethu bakhule babesezingeni eliphezulu, kumele sibadlalise nabadlali abadala. Ngisawumdlali oseqopheleni eliphezulu uma ubuka engikwenzayo enkundleni,” kuchaza uParker.