Umengameli waMaZulu FC uSandile Zungu uveze ukuthi umdlali waseNamibia obe nesizini enhle, uRiaan Hanamub usezinhlelweni zeqembu ngakho ngeke adayiswe.
UZungu uveze lokhu ekhuluma nabezindaba izolo lapho aqinisekise khona ukuthi Usuthu ludedele abadlali abawu-11, okubalwa kubo uLehlohonolo Majoro.
UHanamub ujoyine AmaZulu esuka kwiChippa United ngaphambi kwale sizini, uZungu uthi alikho nelincane ithuba lokuthi angahamba.
“Akayi ndawo. Naye uthi kungafika amaqembu ecela umsayinisa akafuni ukuhamba. Usezinhlelweni zeqembu. Alikho iqembu eselikhulume nathi ngokumsayinisa, futhi alikho esizimisele ngokuxoxa nalo.
“IPirayes ayikaze ikhulume nathi ngoHanamu.”
Khonamanjalo uZungu uqinisekise indaba esabika ngayo kudala ngokusayiniswa kukaCelimpilo Ngema obedlalela iMarumo Gallants.