Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic uthi uBernard Parker uzolulama abuye ngamandla futhi neqembu lizomeseka kulesikhathi esinzima ngoba angeke kube yindlela ehloniphekile yokuqeda impilo yakhe ebholeni.
URamovic uthi uBongani Zungu uzoxolisa uma esebone kahle isigameko.
UParker uphuke umlenze ngesikhathi edlaliswa kabi uZungu weMamelodi Sundowns emdlalweni weCarling Knockout eMbombela Stadium izolo ebusuku.
Unompempe uMasixole Bambiso ukhiphe uZungu ngekhadi elibomvu. UZungu ubesiphikisa isinqumo sikanompempe ngesikhathi elibangise emagumbini okushintshela.
Yize lomdlalo uphazanyiswe ukulimala kukaParker, iGalaxy inqobe ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva komdlalo ophele ngo 2-2.
“Siphatheke kabi, simangele ngoba uParker ungumdlali wethu. Ungumuntu onomoya omuhle, uziphatha kahle enkundleni. Kuyathusa ukubona umdlali elimala ngalendlela.
Ngiyazi ukhakhayi luqinile kuParker, abadlali abasebancane babukela kuye. Sidlule esibhedlela ngemuva komdlalo, ngimchazelile ukuthi ngiyakholelwa kuye futhi uzobuya enkundleni kungekudala. Ngizomlinda alulame ngokugcwele.
Sizomeseka kakhulu uParker, akufanele impilo yakhe ebholeni iphele ngalendlela,” kubeka uRamovic ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
UParker (37) kungenzeka ahlale isizini yonke engadlali ngenxa yokuphuka umlenze.
URamovic uthi bazomeseka uParker yize ezobe engadlali.
“Siyamethemba kakhulu futhi sizomeseka, yilokho okubalulekile,” kusho uRamovic.
Ababukeli abaningi bathuswe ukuziphatha kukaZungu, okhishwe ithimba labaqeqeshi nozakwabo beDowns enkundleni.
Ebuzwa ngendlela uZungu aziphathe ngayo eqeda ukuphula umdlali wakhe, uRamovic uthe lowombuzo awubhekiswe kumqeqeshi weDowns uRhulani Mokoena.
URamovic uthi uhlalele ethembeni lokuthi uZungu usazoxolisa kuParker.
“Angeke ngiphawule ngoZungu ngoba akadlaleli iqembu lami. Kufanele ubuze uRhulani Mokoena. Angifuni ukukhuluma ngoba abantu babonile ukuthi uziphathe kanjani uZungu.
Ngikholwa ukuthi uZungu akadlalanga kabi ngamabomu. Kuyenzeka ufake kabi unyawo. Ngiyathemba uzothuka naye uma esebona izithombe.
Ngithemba ukuthi uzocela inombolo yocingo Parker, alandele ngokucela uxolo kuParker nakwiSundowns,” kuchaza uRamovic.