Umqeqeshi weKaizer Chiefs uMolefi Ntseki usephinde wacela ukuthi angehlulelwa ngokuhluleka kweqembu eminyakeni edlule, kunalokho uthi ucela ukunikezwa isikhathi ngoba uyazi uzozijika kanjani izinto kuMakhosi.

IChiefs, eneminyaka engu-8 ingayiqukuli indebe, izovula umqhudelwano weCarling Knockout naMaZulu eFNB Stadium ngoMgqibelo. 

Kusukela ethathe izintambo ku-Arthur Zwane, uNtseki usanqobe imidlalo emine, wahlulwa kwemihlanu, wadlala ngokulingana kwemithathu. 

“Siqale isizini singaphansi kwengcindezi ngoba asinqobanga izindebe kumasizini adlule. Kufanele uyamukele ingcindezi uma uzothatha isikhundla sokuqeqesha iChiefs. 

“Ingcindezi iqhamuka kude ngenxa yomlando weqembu. Ngangiyazi ingcindezi engangizifaka kuyo ngesikhathi ngiqokwa njengomqeqeshi weBafana. 

“Kuyafana namanje, angeke ngizibukele phansi ngoba ngiyazazi ukuthi nginolwazi lokushintsha isimo eqenjini,” kubeka uNtseki obekhuluma esithangamini nabezindaba eParktown emahhovisini ePSL izolo. 

UNtseki uphinde wacela ukubekezelelwa kubalandeli, wathi ukucela kwakhe isikhathi angeke akufanise nokubeka izaba.

“Abantu bakubona njengomuntu ozama ukuzivikela uma ukhuluma ngokucela isikhathi. Ukubekezelelwa akusikho ukubheka imiphumela kuphela kodwa kufanele kunakwe nomsebenzi owenzayo,” kuchaza uNtseki. 

Lomqeqeshi uthi bazosithatha namuhla isinqumo ngo-Edson Castillo obuya eSouth America nesikwati sangakubo iVenezuela. 

Yize engayidlalanga yomibili imidlalo bebhekene neBrazil neChile, uCastillo kusengenzeka ugqilazwe uhambo lwendizamshini.