USibusiso Mabiliso uselutholile uxolo kuMengameli waMaZulu uSandile Zungu, sekusele asayine njengomdlali weqembu omusha.

Inkampani emele uMabiliso iQT Sports isimcubuzele amagabade lomdlali oSuthwini alushiya ngonyaka odlule eyojoyina iKaizer Chiefs.

UMabiliso uchithwe kwiChiefs emasontweni amabili adlule ngemuva kokuvumelana neqembu ngesinqumo. Udlale imidlalo eyisithupha kuphela kwisizini eyodwa ayihlale kwiGlamour Boys.

Ukushiya kukaMabiliso eqenjini kwamakhela isigcwagcwa kuZungu, owamsola esidlangalaleni ngokumkhohlisa enqaba ukusayina inkontileka entsha ngoba efuna ukuyojoyina iChiefs.

Ngokombiko weSABC Sport, uBasia Michaels, oyimenenja yalomdlali, ukuqinisekisile ukuthi izingxoxo seziqalile noSuthu kodwa namanye amaqembu usaxoxa nawo.

“AmaZulu ahamba phambili ezingxoxweni. Sikhulumile sacela uxolo kuMengameli (Zungu) ekhona umdlali. NoMengameli ulamukelile uxolo lwethu, wavuma ukuthi izingxoxo ziqhubeke mayelana nomdlali.

Akhona amanye amaqembu afuna umdlali. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi umdlali uthatha isinqumo esifanele ngoba uSbu usemncane ngokweminyaka, unekusasa eliqhakazile. Kufanele siqhubekele phambili kunoxolo nenjabulo yize kukhona okwenzeka ngaphambilini.