UPitso Mosimane uthi uBongani Zungu uthathe isinqumo esibhedayo ngokubuyela kwiMamelodi Sundowns.
UZungu washiya eChloorkop ngo-2016 walibangisa ePortugal eyosayina neVitoria Guimaraes. Wadlala kahle kwiGuimaraes, wagcine esesayine kwiSC Amiens yaseFrance.
Uhlale amasizini amathathu kwi-Amiens wagcina esebolekiswa kwiGlasgow Rangers yaseScotland, eyagcina imchithile ikhala ngokungaziphathi kahle kwakhe.
UZungu (29) ubemataniswa nenqwaba yamaqembu e-Europe naseNingizimu Afrika kodwa waqoka ukubuyela kwiDowns.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena wathi ubudlelwano obuhle phakathi kwabaqeqeshi beDowns no Zungu yibona obaholelela ekutheni aqoke ukubuya ePitoli.
UPitso uthi isinqumo sikaZungu asilungile uma ebheka isigaba sempilo yakhe njengamanje.
“Angeke ngiphawule kakhulu ngoba anginalo ulwazi. Kulula ukugxeka uma ungenalo ulwazi oluningi. Ngabukela umdlalo weDynamo Kyiv neGlasgow Rangers ngolunye usuku, ngasho ukuthi uBongani naye wayedlala kulesigaba.
Angeke ngimkhulumele. Angiyona imenenja yakhe. Uyena ozozikhulumela. Angiboni kuwumqondo omuhle ukubuyela kwiSundowns.
Ngingasho okufanayo nangoPercy Tau ngesikhathi esayina kwi-Al Ahly esuka kwiBrighton.
UPercy wayengadlali kwiBrighton. UPercy wayengenazo izinkinga, wayengalitholi ijezi kuphela. Umqeqeshi wayebona engafanele ukudlala. Abantu babebuza ukuthi uyaphi kwi-Al Ahly?” kubeka uPitso.