Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi usegonyuluke ngesimo sikaBongani Zungu, waveza ukuthi lomdlali uzoqala nini ukubonakala enkundleni.

UZungu wamenyezelwa njengomdlali weDowns omusha phambi kweLoftus Stadium eyayigcwele phama kudlala iKaizer Chiefs neDowns. ISundowns yanqoba lowomdlalo ngo 4-0.

UZungi uhlale amasizini ayisithupha e-Europe. Waqala kwiVitoria Guimaraes ePortugal ngaphambi kokusayina kwiSC Amiens eFrance.

UMngqithi ubuzwe ngesimo sikaZungu, nokuthi engalindelwa yini ukuthi adlale ngempelasonto kwiMTN 8.

UMngqithi uthe angeke kwenzeke lokho, uZungu usemuva kakhulu ngo kwezinga lemidlalo.

“UZungu usemuva ngo kwezinga lemidlalo ngoba ubengekho ekhempini yeqembu sekuphele isizini, kufanele asebenze kanzima ngoba unesikhathi eside engadlali.

Ngiyathemba kuzoba inyanga eyodwa kuphela ngoba uziphethe kahle futhi uyazikhandla. Ukhombisa ukufuna ukuzosiza iqembu, silindele ukubona ukuthi uzoqhuba kanjani emasontweni amathathu alandelayo. Ngiyathemba uzosisiza kakhulu,” kubeka uMngqithi.

UMngqithi ucele abalandeli beqembu ukuthi baphume ngobuningi bezobukela imidlalo.

“Ngicela babekezele abalandeli. Iqembu lizoqina kungekudala. Lizohlangana ukudlula isizini edlule,” kubeka lomqeqeshi.