Umgadli owafika kwiMamelodi Sundowns enesifiso sokushaya amagoli awu-30 ngesizini ka-2020/2021 uKermit Erasmus, zibukeka zibaliwe izinsuku zakhe kompetha beDStv Premiership.
Lo mgadli oneminyaka ewu-32, uzolizwa ngendaba ijezi nakule sizini njengoba umgadli weSundowns uPeter Shalulile evutha engabaselwe futhi ubukeka ezoba nobudlelwano obuhle nabanye abadlali abahlaselayo abasha abathengiwe esingabala kubo u-Abubeker Nasir noMarcelo Allende, obefake inomboli yejezi ebigqokwa uRomeo kwiDowns.
Bobabili laba badlali babingelele abalandeli beDowns ngamagoli zisuka. Ngaphandle kwabo kusakhona uSirino noKutumela, abajwayele ukunikezwa ijezi ngaphezu kukaRomeo.
Namhlanje iSundowns iqinisekise ukuthi isimdedelile uPavol Safranko, oshaye amagoli awu-9 ngesizini edlule. U-Erasmus uthole elilodwa emdlalweni ewu-9 ngesizini edlule, kanti ngesizini ka-2020/2021 waqeda eshaya amathathu kuphela emdlalweni ewu-17.
Ebuzwa ngalo mdlali uRulani Mokwena ngoLwesithathu ngemuva komdlalo wabo abawunqobe ngo 3-0, ucele kubuzwe abaphathi beDowns kodwa kucacela abaningi ukuthi lo mdlali kumele athungathe ikhaya elisha.
Yimaphi amaqembu angamsayinisa?
Nakuba izinga lebhola esilibukayo libukeka likhuphukile kule sizini uma kuqhathaniswa namasizini edlule, isekhona inkinga yokushoda kwamagoli emaqenjini amaningi.
SuperSport United | Position: 14 | Games played: 5 | Goals scored: 3
ISuperSport ingelinye lamaqembu abukeka enenkinga phambi kwepali kule sizini. Iqembu eliphekwa wuGavin Hunt lakha inqwaba yamathuba uma lihlasela, kodwa liyahluleka ukuvalela amagoli. Noma enqobe umdlalo wakhe wokuqala kuleli sonto uHunt, Amatsatsantsa a Pitori azomdinga omunye umdlali okwazi ukuvalela amagoli kule sizini futhi obuye akwazi nokudlala kunomboli 10 njeng | oba umthwalo ubhekene noThamsanqa Gabuza noBradley Grobler ohlale isikhathi eside engalithinti ibhola ngenxa yokulimala ngesizini edlule. ISSU ike yasikaza ukusayinisa uBernard Parker obefunwa uHunt kodwa wagcina engavumelananga neqembu.
Orlando Pirates | Position: 1 | Games played: 6 | Goals scored: 4
IPirates ingelinye lamaqembu eza kahle kule sizini futhi itheze kahle kubadlali, kodwa isamdinga umdlali okwazi ukuvalela ibhola enethini. Leli qembu linenqwaba yabagadli nokho, esingabala kubo u-Eva Nga, Terrence Dzvukamanja, Kwame Peprah, Evidence Makgopa noZakhele Lepasa. Iphinde yabolekisa ngoTshegofatso Mabasa kwiSekhukhune.
U-Erasmus useke wayidlalela iPirates, okusho ukuthi uyakwazi okulindekele kubadlali bayo, engakwazi futhi nokulekelela abadlali bayo abasebancane ngokweminyaka uMakgopa noPeprah. Ngaphezu kwalokho nokho, noma engeke awashaye amagoli awu-30, uma ubuka ibhola elidlalwa yiPirates, engawavalela asondele ku-10 uma edlaliswa. IPirates nokho ayivamile ukubuyisa abadlali asebeke bayishiya phambilini.
Chippa United | Position: 13 | Games played: 5 | Goals scored: 4
lChippa United ikore amagoli awu-22 emdlalweni ewu-30 ngesizini edlule. Nakule sizini ibukeka izoba nenkinga yamagoli phambili njengoba isavalele amane emdlalweni emihlanu. Leli qembu lisayinise umgadli waseNigeria u-Etiosa Ighodaro (21) ukuzama ukulungisa inkinga yamagoli kodwa lo mdlali, nabanye, bangafunda lukhulu ku-Erasmus uma iChippa iqoka ukumsayinisa.
Elinye iqembu elingambheka u-Erasmus yiKaizer Chiefs nakuba isayinise uBonfils-Caleb Bimenyimana. Nokho okungenza iChiefs ichizele lo mdlali wukuthi kumasizini edlule isigxekwe kakhulu ngokusayinisa abadlali abasuke sebephelelwa ushatini kwiDowns njengoKarma Billiat noCastro. NeCape Town City ingambheka, futhi ikukhombisile ukuthi ayinankinga nokubuyisa umdlali oseke wayidlalela phambilini njengoba isayinise uLebo Manyama kwiChiefs.