Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt ukhala ngabadlali abathathu ababolekwe kwiMamelodi Sundowns abangavunyelwe ukudlala uma lamaqembu esetholana kwiMTN 8 ngempelasonto.

ISuperSport izofika kulomdlalo inokuzethemba njengoba ishaye iRichards Bay kwiligi ngo 1-0 ngoLwesithathu.

AmaTsatsantsa azodlala ngaphandle kukaGrant Magerman, Thabang Sibanyoni noRicardo Goss ababolekwe kwiDowns. ISundowns yafaka umbandela wokuthi labadlali bangadlali uma iSuperSport isibhekana nabo ngesikhathi ibabolekisa.

ISuperSport iyaqhuga njengoba kulimele abadlali, okukhona kubo u-Onismor Bhasera. UHunt ugcine esevuma ukuthi kudingeka bayotheza emakethe.

“Ngiyalithemba kakhulu iqembu, besinenkinga yonozinti, asikwazi ukudlalisa uPule ngesonto elizayo, sidedele uChigova. Kunzima ngoba uGoss angeke adlale kulemidlalo emibili yeSundowns.

Angikwazi ukudlalisa abanye abadlali ababili (Sibanyoni noGoss) ngoba abavumelekile ukudlala neSundowns. Kuvela ezinye izinkinga,” kubeka uHunt.

UHunt uthi akanalo ulwazi ngesivumelwano phakathi kweDowns neSuperSport mayelana nabadlali ababolekiwe.

UHunt uthi usesola nokuthi iDowns isacabanga isizini ka-2016 ngesikhathi ewina iligi neBidvest Wits. UHunt wayeboleke uCuthbert Malajila, Mogakolodi Ngele no-Ejike Uzoenyi kwiDowns.

“Angeke ngikhulume kakhulu. IDowns ibeke lombandela ngoba sanqoba iligi eminyakeni emihlanu edlule, ngenxa yokusebenzisa abadlali ababili esababoleka kubo.

Sanqoba iligi, bavele bashintsha umthetho ngokuphazima kweso. Angiboni kahle ngalento abayenzayo ngoba labadlali abasoze badlala kwiSundowns. Angifuni ukuphawula kakhulu.

Angikaze ngizibone izivumelwano. Kunzima kakhulu uma kungamaqembu ayizimbangi endaweni esondelene. Angicabangi ukuthi iManchester United ingadayisela iManchester City umdlali. Angeke i-Atletico Madrid idayisele iReal Madrid.

Kuyenzeka eNingizimu Afrika, sabadayisela iqembu lonke ngesikhathi ngisaqala ukusebenza
kwiSuperSport. Baningi abadlali abangasekho,” kubeka lomqeqeshi.

Lamaqembu azotholana eLoftus Versfeld ngehora lesithupha ntambama ngeSonto.