UKhabo Zondo wagcina ukuqeqesha eminyakeni eyisithupha eyedlule kwiRoyal Eagles eyayidlala kwiNational First Division.

UZondo wayesematasa ngebhizinisi lakhe labangcwabi ngesikhathi esethola ucingo oluvela kuSinky Mnisi oyisikhulu seRoyal AM.

Kwathuka abalandeli abaningi kumenyezelwa uKhabo Zondo njengomqeqeshi omusha weThwihli Thwahla emasontweni amabili adlule.

Uzovala isikhala sikaJohn Maduka osejoyine iMaritzburg United. Ubeke IRoyal AM endaweni yesithathu kwiligi, yangena kwiCAF Confederations Cup.

UZondo wayebambe kwiRoyal Eagles eminyakeni eyedlule, nakhona uShawn Mkhize wayengumphathi.

“Bengimatasa ngebhizinisi lami labangcwabi ngesikhathi iRoyal AM ixhumana nami. Ngisebhizinisini lokudayisa amatshe abekwa phezu kwamathuna. Ngijabule kakhulu ngethuba lokuqeqesha kwiDSTV Premiership.

Ngiyaziqhenya ngokuqashwa eqenjini ngingafakanga ngisho isicelo, lokho kuchaza ukuthi iqembu liyakholelwa kwigalelo lami,” kubeka uZondo obekhuluma nabeSowetan.

“Akukho okushintshile ngendlela engifunda ngayo ibhola. Ngifuna ukubona iqembu elihlasela ngaphandle kokusaba, ngifuna sishaye inqwaba yamagoli.

Kukhona umdlali ofana noMahlasela (Kabelo) obalulekile uma ubheka indlela engifuna sidlale ngayo ngoba ngifuna umdlali okwazi ukuqonda izitobha, ashoshele phambili,” kusho uZondo.