Umqeqeshi omusha weSuperSport United uGavin Hunt uthi ufuna ukuphinde akhonye ibhola laseNingizimu Afrika ngokunqoba izindebe neSuperSport United.

UHunt ubekwe njengomqeqeshi weSuperSport United omusha ngoLwesine. Usayine inkontileka yeminyaka emithathu.

UHunt (57) wanqoba iligi amasizini amathathu kulandelana kusukela ngonyaka ka-2008 kuya ku-2010.

Uthi kuyamjabulisa ukuthola isikwati esinomehluko omkhulu kuleliqembu ayelifice eqala ngqa ukuqeqesha AmaTsatsantsa. ISuperSport isishintshe ukwenza kuleminyaka eyedlule, isebenzisa abadlali abasuka kwinkulisa.

Lokho kuyamjabulisa uHunt ofuna ukuqala phansi.

“Iqembu elikhona manje linomehluko omkhulu eqenjini engalifica kudala, kodwa lokho kunginikeza ithuba lokwakha kabusha. Kuyangichaza lokho ngoba kuzodinga ukuthi ngisebenze ngokuzikhandla, okuyinto engingakaze ngiyibalekele ngaphambilini.

Iningi labadlali abancane angibazi, kodwa lokho kuyangigqugquzela. Singakhanda okukhulu ngeqembu.

Angisoze ngakhohlwa usuku lokuqala uStan Matthews (CEO) engiqasha. Ngafika kuneqembu lika-Under 19 elaligadla ngoRonwen Williams, Kermit Erasmus, Masibusane Zongo, Thandani Ntshumayelo, Kamohelo Mokotjo noTshepo Gumede. Bonke labadlali baqhubekele phambili. Ngizofika esimeni esifanayo namanje njengoba sengizobheka abadlali abakhona kwinkulisa,” kusho uHunt ekhuluma noPhumlani Msibi weSuperSport TV.

UHunt unqobe iligi ihlandla lesine esehola iBidvest Wits ngesizini ka-2017/18. ISuperSport ihluleka yancama ukulwela iligi ngesikhathi engasekho uHunt.

“ISuperSport inendawo eyikhethelo enhliziyweni yami. Sanqoba izindebe eziningi kwiSuperSport, kuyafuneka siqale ukunqoba futhi. ISuperSport iyiqembu elikhalela impumelelo. Iqembu lijwayele ukunqoba izinkomishi kodwa sekufanele lenze kangcono kwiligi. Ukuwina iligi kuyinto enkulu kimina,” kubeka lomqeqeshi.