Inkakha yeBafana Bafana uMatthew Booth ucela abalandeli be-Orlando Pirates ukuthi banikeze umqeqeshi omusha uJose Riveiro isikhathi sokubumba iqembu ngendlela yakhe.
Ukunuka manambana kukaRiveiro kubalandeli yize engakaveli nakanye ebhentshini leBucs kumfaka ngaphansi kwengcindezi eMayfair.
URiveiro usengumqeqeshi wesithathu weBucs ongaziwa kubathandi bebhola kuleli yize evela ezweni langaphandle. Kwaqala uKjell Jonevret, kwalandela uJosef Zinnbauer.
“Isikhathi esizocacisa ngomqeqeshi. Sizobona izindawo aqinile kuzo, nalapho ashoda khona. Kusafanele sibone ukuthi ungumqeqeshi onjani. Okwamanje asinalo ulwazi oluningi ngaye,” kubeka uBooth.
IPirates iqede endaweni yesithupha kwiDSTV Premiership ngesizini eyedlule, yaphuma kusakhanya kwiNedbank Cup neMTN 8. IBucs iphinde yashweba isicoco seCAF Confederations Cup ihlulwa iRS Berkane kowamanqamu.
“Ngangizitshela ukuthi iPirates izomelana neSundowns kulamasizini amathathu adlule. Baphoxe kakhulu ngesizini edlule, kubukeka sengathi babhede kakhulu kulokhu ngokuqoka lomqeqeshi ongaziwa.
Ngiyathemba bazokwazi ukuqhubekela phambili noRiveiro ngoba siyadinga ukubona iPirates neKaizer Chiefs beshisa izikhotha ukuze iligi izoshukuma,” kubeka uBooth.