Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi abakhohlwe abafuna uPeter Shalulile ngoba lomgadli akekho endalini.
Kuvela ukuthi amaqembu ase-Europe aseke akhuluma neSundowns, ebuza ngesimo sikaShalulile obeshisa izikhotha ngesizini edlule.
UShalulile (28) ushaye amagoli angu-23 kwiDSTV Premiership ngesizini ka-2021/22, wasiza iDowns inqoba iligi, MTN 8 neNedbank Cup.
UMngqithi ubekhuluma emcimbini wokwethulwa kwePrince Mangosuthu Legacy Cup eThekwini ngoLwesithathu.
“Akayindawo uShalulile. Uzoqhubeka ahlale kwiSundowns. Kulula ukumgcina uShalulile ngoba uyayithanda iSundowns, uzimisele ngokuhlala eqenjini,” kusho uMngqithi.
Emqhudelwaneni weLegacy Cup, iDowns izotholana neRichards Bay FC. Umdlalo wesibili uzodlalwa iZululand XI naMaZulu. IZululand izokhandwa ngabadlali besifunda abakhombisa ukuvuthwa.
Lomqhudelwano uzodlalwa ngomhlaka 23 kuJulayi, oLundi, eNyakatho neKwaZulu-Natal.
UMngqithi uthi kuyajabulisa ukudlala kulomqhudelwano ngoba kuzonikeza abadlali abasha ithuba lokudlala, bazame nokukhanda isikimu kabusha.