Umqeqeshi weKaizer Chiefs uzobhekana nenye ‘inkinga’ uma sekufike ezinye izitobha kuMakhosi njengoba kulindeleke ukuthi kujoyine uThatayaone Ditlhokwe noGiven Msimango uma kuphela isizini.

Izolo u-Arthur Zwane uqoke ukubuyisa uNjabulo Ngcobo (28) kwi-starting XI emqalisa noSiyabonga Ngezana emuva. UMapholoba ube nomdlalo omuhle edlala endaweni u-Edmilson Dove afike wayenza eyakhe. Bekungokokuqala iChiefs ibuya ne-clean sheet emidlalweni ewu-8.

UNgcobo wagcina ukuqala umdlalo ngoNovemba 2022 iChiefs ibhekene neMarumo Gallants. UNgezana naye uke waphuma esikimini kodwa selokhe ebuyile ubukeka esewehlisile amaphutha amqhatha nabalandeli kusanda kuqala isizini.

Kusekhona noZitha Kwinika osekhuhle ibhentshi emidlalweni emine edlule, ugcine ukudlala iChiefs iguqisa iMaritzburg United ngo 3-2 ngo-18 March.

UKwinika noNgezana bayakwazi ukudlala naku-right back, kodwa kuleyo ndawo kukhona uReeve Frosler noSolomons abanejubane futhi abakwaziyo nokusiza iqembu uma kuyiwa phambili, ngakho kulindekele ukuthi bafakwe khona uma bengekho laba badlali.

UDitlhokwe (24) uwukapteni weBotswana futhi ushaye into ecokeme kwiSuperSport kule sizini. UMsimango (25) ngakolunye uhlangothi naye sekunesikhathi eveza izinga lakhe kwiDStv Premiership. Kule sizini wudonga lweSundowns kuphela olwenze kangcono kuneTS Galaxy ngokwamagoli eliwanganesili, uMsimango uyingxenye enkulu kwindlela iRockets edlala ngayo.

FUNDA: USukazi uqinisekise ekaMsimango neKaizer Chiefs

Lokhu kusho ukuthi uDitlhokwe noMsimango abadlali ongalindela ukuthi bashubise umbango wezindawo emuva kwiChiefs, ngaphandle uma ihlela ukudedela okungenani isitobha esisodwa.

Ngaphezu kwalaba badlali, kusekhona no-Eric Mathoho osenabalandeli abafuna adlale kweminye imidlalo.

Sibhalele: gibelasport@gmail.com