Umengameli weTS Galaxy uTim Sukazi usekuqinisekisile ukuthi ukapteni wezakhe, uGiven Msimango, uzojoyina iKaizer Chiefs uma kuphela isizini.
USukazi uveze lokhu engxoxweni neRise FM namhlanje ekuseni. USukazi uvele wathi ‘bayamthatha’ ebuzwa ngezindaba ezimatanisa uMsimango neChiefs.
Ngeledlule umqeqeshi weChiefs u-Arthur Zwane wabuzwa ngalo mdlali wangena ezintangeni kodwa waqinisekisa ukuthi banohlu lwabadlali abafuna bajoyine iqembu ngesizini ka-2023/2024.
Tim Sukazi confirming Given Msimango's move to Kaizer Chiefs on @RISEfm943 with @gtzonair and explaining his Business Model. #DStvPrem pic.twitter.com/Pbj6i4H7Fx
— Sir Tshemedi (@RealTshemedi) April 3, 2023
USukazi uthe ukudayisa abadlali beqembu abashisayo kuyingxenye yohlelo lwakhe lokukhulisa iTS Galaxy. Wenze isibonelo ngeTottenham eyadayisa uGareth Bale ukuze yakhe isikwati esisha njengoba njengamanje isibalwa namaqembu amakhulu kwiPremier League.
UMsimango uzobanga ijezi noZitha Kwinika, Siyabonga Ngezana, Edmilson Dove, Austin Dube, Thatayaone Ditlhokwe (ozojoyina esuka kwiSuperSport United) no-Eric Mathoho emuva.