Konke sekumi ngomumo ngomkhuleko ozobanjelwa eThekwini kaNkk Zanele Mbokazi kule mpelasonto eGNF Durban Station.

Ngasekuqaleni kwale nyanga abalandeli, abangani, kanye nomndeni kaZanele bahlanganyele eSandton eGoli bamthandazela njengoba ehlaselwe yisifo somdlavuza.

Sekuzoba nomkhuleko wesibili ozobanjelwa eThekwini eGNF.

Ekhuluma ngalo mkhuleko umculi wowokholo uThulani Ga Ndlela uthe abazokwenza ngeSonto akuhukile nobekwenziwa eGoli, kufana nomlenze wesibili.

“Sitholile ukuthi baningi abantu abangabalaleli boKhozi abebefisa ithuba lokuthi bame nomama uZanele. Sibe sesithi ke asiwuvule lo mnyango kuwo wonke umuntu ongakwazi ukufinyela sizoma nomndeni wakwaNkambule. Sizoma nomama uZanele,” kusho yena ekhuluma ohlelweni lukaDudu Khoza ngoLwesine.

“Akekho ongazi ukuthi ungakanani umsebenzi awenzayo endimeni yomculo njengoba sazi ukuthi uwumsunguli wamaCrown.

“Ngiyakholwa wukuthi kukhona okuzokwenzeka ngemuva komkhuleka ngeSonto.”

UGa Ndlela ubehamba noSgwili Zuma, Lungelo Hlongwane, Jumbo noSphumelele Mbambo.

UMbokazi, osakaza uhlelo olusihloko sithi Eshilo oKhozini, uphuthunyiswe esibhedlela ngo-April nonyaka kulandela ukuxinwa wukugula esemoyeni. Ngasekuqaleni kwenyanga edlule umyeni wakhe uBishop Mpendulo Nkambule uveze ukuthi uxinwe wumdlavuza wamaphaphu, wacela abalandeli bakhe nabalaleli boKhozi ukuthi baqhubeke bambeke emkhulekweni.

Imininingwane yenkonzo yokuthandazela ukwelulama kukaZanele Mbokazi

📅 – 23 June 2024

⏱ – 13:00

📍 – GNF Durban Station (24 Kolling Street)