Iqembu elibusa ngokubambisana ne-ANC ne-IFP kuhulumeni omusha wakuleli, iDA, lithi usemisiwe umholi wayo okusabalale amavideo akhe amadala abonakala kuwo ekhwela edilika kubantu abamnyama ebacwasa ngokwebala.

URenaldo Gouws, obeseyilungu leDA ePhalamende, kuvundululwe amavideo akhe amadala osekunesikhathi abantu bekhala ngawo bebuza ukuthi wangena kanjani ebuholini beDA. Kwenye yama-video uGouws uvela edinwe kabi ukuculwa kweculo lo mzabalazo elithi dubula ibhunu. Kule video uthi akubulawe abantu abamnyama esebenzisa igama eliqala ngoK lokudelela abantu boHlanga nelinye elisetshenziwa emelika eliqala ngo-N.

Ngesikhathi ebuya ezinkundleni zokuxhumana amavideo akhe uGouws uqale ngokuthi abaphuze amaphilisi ezinhlungu abantu abaphathwa kabi amavideo awenza ebusheni bakhe. Ujike wawususa lo mbhalo, waxolisa, kodwa amanzi abesechithekile.

Esitatimendeni esishicilele ngoLwesithathu iDA ibeke kanje kulolu daba: IDA isithole ukuthi ngeyangempela ivideo okuvela kuyo uRenaldo Gouws asebenzisa kuyo ulimi olulumelayo, besiqale sasola ukuthi iyi-fake.

“IDA Federal Executive isinqume ukumisa uGouws njengamanje futhi uzobhekana nokuqondiswa kobugwegwe.”

UGouws ugcine exolisile naye ekhasini lakhe kwi-X, kodwa ngaphambi kokuxolisa uqale wabeka izaba ethi wayeneminyaka engu-25 futhi uxolisela ulimi alusebenzisa ngakho uyakuchitha ukuthi ucwasa ngokwebala.