Umgadli ozakhele igama e-Europe edlalela amaqembu amakhulu e-Europe, uZlatan Ibrahimovic (41) usememezele ukuthi usewagaxa emgibeni amakhokho.
U-Ibrahimovic unqobe izicoco zeligi eziwu-11 kumaligi ahlukene njengoba eseke wadlalela amaqembu okubalwa kuwo i-Ajax, Juventus, Inter Milan, AC Milan, Barcelona neManchester United.
Uke wadlalela neLA Galaxy kwiMajor League Soccer abantu bezitshela ukuthi sekuphelile ngaye kodwa wagcina ekhuze ibuye e-Europe.
“Ngivalelisa ebholeni kodwa angivalelisi kini” kusho u-Ibra ebhekise kubalandeli be-AC.
“Phakama Milan, nisale kahle. Ngiqala ukuza la ngathola injabulo, sengibuya okwesibili nanginikeza uthando. Nangamukela ngezandla ezivulekile, ngazizwa ngisekhaya. Ngizohlale ngiyiMilanista ngize ngife.
“Bekungithusa uma izintatheli zingubuza ngekusasa lami kodwa sengikwamukele manje. Sengidlale ibhola impilo yami yonke. Ibhola lingenze indoda. Ngihambe umhlaba wonke ngenxa yebhola. Ngiyakubonga konke engikuzuze ngidlala ibhola.