IReal Madrid ngempelasonto iqinisekise izindaba ezishaqe abalandeli abaningi zokuhamba kukaKarim Benzema. Abaningi bebengakulindele ukuthi uzohamba uBenzema, obesavutha phambi kwepali futhi obebukeka esengayisiza iLos Blancos ngesizini ezayo.
Lokhu sekuyinjwayelo kwiMadrid nokho. Yenza okufanayo ku-Arjen Robben esagqilaza ama-defender. NoCristiano Ronaldo wavunyelwa ukuthi ahambe, wajoyina iJuventus. Omunye umdlali owadedelwa yiMadrid esadlala uMesut Ozil, wajoyina i-Arsenal.
Ngisho noSergio Ramos, owayengukapteni weMadrid, akasindanga kwizembe labaphathi beMadrid engavamile ukugcina amakhehla.
Kubadlali abadala abasasele kubalwa kuphela uLuka Modric, Toni Kroos noDani Carvajal. UModric noKroos abadlali abazovala izikhala zabo sebekhona kwiMadrid, nabo kusangenzeka oyedwa wabo adedelwe.
Ukuhamba kukaBenzema sekuphakamise imibuzo ngokuthi izosivala ngobani isikhala sakhe. Naba abagadli abakhonjwa kwiMadrid:
Harry Kane
Umgadli weTottenham Hotspur uHarry Kane (29) yigama lokuqala elivelayo kubagadli okuthiwa iMadrid izimisele ngabo. Iminyaka yakhe ingase yenze iMadrid ibheke kwenye indawo, kodwa uma ifuna umgadli ozongena khaxa, okwazi ukudlalisana nabanye abadlali phambili, uKane uyena mdlali iLos Blancos okumele imlande.
Nakuba edlalela iTottenham ebiboza kule sizini, uKane uvalele amagoli awu-30 kule sizini.
Roberto Firmino
Sekunesikhathi uRoberto Firmino (31) ekhonjwa kwiReal Madrid kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi useyashiya kwiLiverpool. NjengoKane, uFirmino angase ashaywe iminyaka yakhe kodwa akekho ongabaza ikhono lakhe ebhokisini. Okunye okungagqugquzela iMadrid wukuthi phambili uzodlala nomkhaya bakhe baseBrazil uVinicius Jr noRodrygo.
Gonçalo Ramos
Lo mgadli weBenfica oneminyaka ewu-21 uvalele amagoli awu-19 kwiligi yasePortugal, nawu-7 kwi-UEFA Champions League. Awekho maningi amaqembu amataniswa nalo mdlali obe neWorld Cup enhle ngoDecember. Okungaphazamisa iMadrid yinkece ezofunwa yiBenfica evame ukubeka inani eliphezulu uma idayisa umdlali.