Owayengukapteni we-Inter Milan ne-Argentina, uJavier Zanetti, uthi ngokubona kwakhe uLionel Messi akakamdluli uDiego Maradona ngezinga.

UMessi uhole i-Argentina ngesikhathi inqoba iNdebe yoMhlaba ka-2022 eQatar, waqokwa njengomdlali ovelele kulo mqhudelwano. Bekungokwesibili uMessi enqoba iGolden Ball kwiWorld Cup.

Ukunqoba eQatar kuchaza ukuthi uMessi usezinqobe zonke izicoco angakwazi ukuzinqoba njengomdlali webhola wase-Argentina njengoba esenqobe iChampions League, Copa America, Club World Cup kanye namaligi esingabala kuwo iLaLiga neFrench League 1.

Abaningi bathi lo mdlali uzonqoba iBallon d’Or okwesi-8 ngonyaka ozayo ngenxa yamagalelo akhe nonyaka njengoba evutha nakwiLeague 1.

Lokhu sekwenze abaningi bathi uMessi ubadlula bonke abadlali asebeke badlala ibhola emhlabeni, ngisho noDiego Maradona. UZanetti uyakuchitha lokho.

“Ngiyawuphikisa lowo mbono. Angithandi ukubaqhathanisa. Kumele sibonge ukuthi abadlali ababili abahamba phambili emlandweni webhola bavela e-Argentina. UMessi usadlala ezingeni eliphezulu, kodwa manje useyakwazi ukudlulisela amava akhe esikwatini ngoba ubahole kahle abadlali kulokhu.”

Ephawula ngokunqoba iWorld Cup okokuqala eminyakeni ewu-36 uZanetti uthe bajabule kakhulu.

“Bafeze iphupho labantu abayizigidi base-Argentina ngoba sekunesikhathi eside silindile. Bekuwumdlalo omnandi ngoba besizitshela ukuthi sesinqobile kodwa iFrance idlale kahle yawushubisa umdlalo,” usho kanje.