Sekuthathe elinye igxathu ukungaboni ngasolinye okuphakathi kowayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma osengenele ukhetho lukazwelonke ngeMK Party nomsunguli waleli qembu uJabulani Khumalo.

UKhumalo ukhonjwe indlela kwiMK ekupheleni kwenyanga edlule ngezizathu ezingadalulwanga emphakathini kodwa leli qembu laveza ukuthi wachazelwa konke ngesinqumo sokumxosha.

Ngemuva kwalezi zindaba uKhumalo waveza ukuthi usazohlangana neMK kodwa kubukeka ungaphumelelanga lowo mhlangano njengoba sekuvela ukuthi usebhalele i-IEC ecela kukhishwe uZuma ohlwini lwabantu abangavotelwa ngoMay 29.

Encwadini kuthiwa uKhimalo ucela i-IEC isuse uZuma ngoba ungene esikhundleni akuso kwiMK ngokungemthetho.

Kuthiwa uKhumalo ubhalele noZuma wamazisa ukuthi usemisiwe kwiMK.

Okhulumela iMK uNhlamulo Ndhlela wazise i-IOL ukuthi abakatholi ncwadi evela kuKhumalo kulolu daba kodwa sebeyibonile incwadi esabalele ezinkundleni zokuxhumana.