Umqeqeshi weBarcelona uXavi Hernandez uthembisa ukuyinqumela ogodweni iReal Madrid abazobhekana nayo kowamanqamu weSpanish Supercopa ngeSonto eSaudi Arabia. 

UXavi ukhulume ngeqholo beqeda ukuguqisa i-Osasuna ngo 2-0 ngoLwesine ebusuku. Womabili amagoli eBarca angene esiwombeni sesibili, eshaywa uRobert Lewandowski noLamine Yamal. 

Yize iBarca isefomini engeyinhle kwiLa Liga, uXavi unyukelwe yithemba ngaphambi komdlalo wamanqamu ozobanjelwa eKing Saud University Stadium. 

“Sizoqhubeka nesitayela sethu uma sesidlala neMadrid. Sizolandela umzekelo womdlalo wangonyaka odlule esawunqoba ngo 3-1. Sadlala ibhola elihle kakhulu. Sadlala ibhola elihle yize yasihlula iMadrid kwiLaLiga. Umdlalo wasilahlekela esiwombeni sesibili. 

Kufanele siyidlalise ibhola iMadrid, siyikhombise ukuthi singomakhonya. Sizoyidlalisa ibhola esaziwa ngalo. IMadrid isefomini engcono uma kuqhathaniswa nonyaka odlule. Sizozama ukuyihlula enkundleni, siyidlalise ibhola. 

Sinethuba lokukhombisa ibhola lethu. Siwulindele ngabomvu umdlalo,” kuchaza uXavi ecashunwa abe-ESPN Sport. 

UXavi uncome umdlali osemncane uYamal oshaye igoli kulomdlalo. 

“ULamine akanaphutha uma edlala. Akalilahli ibhola kalula, uthatha izinqumo ezifanele ngezikhathi zonke. Kuyamangaza ngoba usaneminyaka engu-16 kuphela. 

ULamine unenkinga yomzimba kuphela. Uyaqonda okufanele akwenze enkundleni, ngibona ezoba ngumdlali obalulekile esikhathini esizayo. 

ULamine udlale kahle namuhla, angikhulumi ngegoli,” kubeka uXavi. 

UXavi uthi uPedri uzobe esekulungele ukudlala kowamanqamu. Lomqeqeshi ushaye amakhala ngoJoao Cancelo noRaphinha abalimele.