USihlalo weParis Saint-Germain uNasser Al-Khelaifi usegxeke uLionel Messi ngokungalihloniphi leli qembu ngesikhathi eshiya ngo-2023.
NgoSepthemba wangonyaka odlule, uMessi wakubeka obala ukuthi wacikwa yisenzo seqembu sokungamhloniphi njengoba wayenqobe iNdebe yoMhlaba ne-Argentina.
“UMessi akayena umuntu onomoya omubi. Ngibona kuyisenzo esibi ukukhuluma ngeqembu uma sewuhambile. Akuyona indlela ekwenziwa ngayo kwiPSG.
“Siyamhlonipha kakhulu uMessi kodwa angeke ngiphatheke kahle ngomuntu ongcolisa igama leParis Saint-Germain. Akakhombisanga inhlonipho,” kubeka uKhelaifi ekhuluma nabeRMC Sport.
UMessi washaya amagoli amabili beguqisa iFrance amaphenathi kowamanqamu.
“Angeke simhalalisele ngokunqoba iNdebe yoMhlaba ngoba ubedlala eFrance nakhona ebhekene noKylian. Siyiqembu laseFrance, angifuni ukuthi ajikelwe abalandeli,” kuchaza uKhelaifi.
U-Khelaifi uthi uMessi wahluleka ukujwayela kwiPSG ayijoyina ngo-2021.
“UMessi ungumdlali obahlula bonke emhlabeni nasemlandweni webhola likanobhutshuzwayo.
Kwamthatha isikhathi ukujwayela ngesikhathi esuka kwiBarcelona. UMessi wayehlonishwa kakhulu kwiBarcelona, abaphathi, abaqeqeshi nabadlali babemkhonza. Izinto bezihlukile kwiPSG ngoba bekukhona uKylian noNeymar,” kuchaza uKhelaifi.