Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uphumele obala ngokungaboni ngasolinye okukhona phakathi kwe-PSL neSAFA kuleli athi kwenze umsebenzi wokulungiselela i-AFCON waba nzima. UBroos uphinde wagadla nakumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, amsole ngokuzenza uNkulunkulu ebholeni lakuleli.

“Sengizame izikhawu ezine ukuba nomhlangano nabaqeqeshi bamaqembu ePremier League, ngavinywa iziphathimandla zeligi,” kusho uBroos ecashunywa yiMTNFootball.

“Incwadi yami ayithunyelwanga ngisho kumaqembu ePSL. Kumele nazi ukuthi kunokungaboni ngasolinye phakathi kweligi ne-Football Association.

“Ngenxa yalokho, nginqatshelwe ukungena e-Orlando Stadium izikhawu ezintathu…umqeqeshi weSundowns, uwuMourinho waseMzansi. Usewine inqwaba yezinkomishi, uzenza uNkulunkulu futhi wonke umuntu uyamlalela. Wangigxeka ngoba kwabuya abadlali bakhe ababili belimele eqenjini lesizwe, kodwa uke waba nabadlali abawu-11 abebelimele. Isizathu salokhu silula; imidlalo iminyene.

“Sengiyazi nje ukuthi uma sihluleka kulo mqhudelwano ngizoba senkingeni. Koidwa angikhathazekile. Kuyisimanga nje ukuthi sikwazile ukungena kwi-AFCON.”