Umqeqeshi weBarcelona uXavi uthi unondweba obephethe umdlalo ngesikhathi ezakhe zifakwa uswazi oluncane zibhekene ne-Inter eSan Siro uyena okumele achaze ngokudliwa kwabo izolo ebusuku.

IBarcelona idliwe ngo 1-0 kulo mdlalo ngegoli elihle elivalelwe wuHakan Calhanoglu. Noma ingawakhanga amathuba amaningi okukora iBarca kodwa ike yalibeka ibhola enethini, lacishwa yiVAR ikhala ngokuthi ibhola liqale esandleni sika-Ansu Fati. IBarca iphinde yancishwa iphenathi ngasemaphethwelweni omdlalo ibhola lishaya isandla sikaDenzel Dumfries ebhokisini.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uXavi uthe zimcikile izinqumo zika nompempe uSlavko Vincic.

“Unompempe kumele achaze, akumele kuchaze mina ngokudliwa kwethu. Ibhola lishaye esandleni, kucacile nje lokho.

“Manje sesisele nemidlalo emithathu okuphoqayo ukuthi siyinqobe yonke. Asikho esimeni esithanda ukuba kuso. Banamaphuzu ayisithupha, sinamathathu, iBayern inawu-9.

“Siwakhile amathuba kodwa sahluleka ukuwasebenzisa, bathola igoli ngeshodi elivele ngaphandle kwebhokisi – okuyinto ebesazi ukuthi baqinile kuyo,” kuchaza lo mqeqeshi.

IBarcelona izothola lokuziphindiselela uma isihlangana ne-Inter eSpain ngesonto elizayo.