Umqeqeshi weSekhukhune United uKaitano Tembo usencome abadlali bakhe ngokubekezela emdlalweni abashaye kuwo i-Orlando Pirates ngo 2-0.
ISekhukhune ibinqoba okwesibili kule sizini, okuyisize yakhuphukela kunombolo 11 kwi-log yeDStv Premiership. Ngemuva komdlalo uTembo uqale ngokubonga abaphathi beqembu, ithimba labaqeqeshi asebenza nabo ngokunjalo nabadlali ngokumeseka njengoba ebephikwa imiphumela.
“Sisebenze kanzima ngaphambi kwalo mdlalo. Besazi ukuthi uma sibafaka ngaphansi kwengcindezi bazogcina bevulekile. Niwabonile amagoli esiwakorile, shiya ke ukuthi bese sidlala nabadlali abawu-10, nangaphambi kwalokho siwatholile amathuba amahle.
“Akulona iqembu elilula leli, kunzima ukubahlakaza emuva. Ngisho sebesele nabadlali abawu-10 bawakhile amathuba, ngakho ngibonga abadlali bami ukuthi sikwazile ukunqoba,” usho kanje ekhuluma neSuperSport TV.
UTembo uthi ubatshelile abadlali ukuthi babekezele ngoba ithuba lizoza uma bebacindeza esiwombeni sesibili.
ISekhukhune izobhekana neqembu elisofomini iSuperSport United ngoLwesihlanu ngo-7.30 PM.