Umqeqeshi weBarcelona uXavi Hernandez ukhala ngokwehla kwezinga leqembu elimangazwe yiShakhtar Donetsk ebashaye ngo 1-0 kwi-UEFA Champions League eHamburg izolo. 

Igoli leShakhtar livalelwe enethini uDanylo Sikan sekusele amanenjana kuyiwe ekhefini. 

Lomphumela uphuthisele iBarca ngethuba lokuzibekisela ngendawo kwi-last 16. IBarcelona ihluleke yancama ukugqobhoza udonga lweShakhtar yize ifake uJoao Felix, Pedri noLamine Yamal esiwombeni sesibili. 

“Bekufanele sihlulwe ngoba sishaye udaka emdlalweni. Izinga lethu lehlile kakhulu. Lomdlalo ukhombisile ukuthi kusadingeka sibhukule. 

Sizamile esiwombeni sesibili kodwa sihlulekile. Lomqhudelwano ufuna ukhiphe konke okusemandleni, sihlulekile ukwenza lokho namuhla. Ukuzethemba kwehlile kubadlali, ngibona bebozile okuyinto okufanele siyilungise,” kuchaza uXavi ekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo. 

Lomqeqeshi wakhala ngokwehla kwezinga kubadlali ngesikhathi behlula iReal Sociedad ngo 1-0 kwiLa Liga ngeSonto ebusuku. 

UXavi ukhalaze kakhulu ngebhola abalidlalile. 

“Angeke ngikhale ngomoya wabadlali. Sihluleke ukwenza lokho obekudingeka emdlalweni. Silahlekelwe amabhola izikhathi eziningi futhi sahlulwa ukuhlasela ngendlela ejwayelekile. Siphinde sangakwazi ukumaka amabhola abegotshiwe ezimpondweni, sahlawuliswa kanjalo,” kusho uXavi. 

IBlaugrana ihleli esicongweni kuGroup G njengoba isiqoqe amaphuzu angu-9 emidlalweni emine. 

“Kuyihlazo ngoba besifuna ukuzibekisela ngendawo kwi-last 16. Lisekhona ithuba lokudlulela emzuliswaneni olandelayo. 

Sinethuba lokuqhubekela phambili uma sesidlala nePorto ekhaya emdlalweni olandelayo. Kufanele sibuyise ukuzethemba ngoba sisenkingeni. Besidlala ibhola elihle ezinyangeni ezedlule,” kuchaza lomqeqeshi.