Ukapteni weCape Town Spurs uClayton Daniels uthi kumphatha kabi ukubhekana neKaizer Chiefs bengekho abalandeli ngoba bebehlele ukuyifaka induku phambi kwabo.
ISpurs sizobhekana neGlamour Boys eFNB Stadium ngehora lesikhombisa ebusuku (19:30).
IChiefs ihlawuliswe yiPremier Soccer League (PSL) eyanquma ukuthi lomdlalo ungabukelwa abalandeli abaphehla udlame ngesikhathi iGlamour Boys ihlulwa AmaZulu kwi-last 16 yeCarling Knockout.
“Angikujabuleli ukudlala bengekho abalandeli. Bengizojabula ukube abalandeli bazovunyelwa ukubukela umdlalo. Kuyadingeka ukuthi kugcwale abalandeli enkundleni uma nibhekene neqembu elikhulu.
Bengifuna bagcwale inkundla abalandeli beChiefs ngoba ngiyabazi ukuthi bebezofakela abadlali ingcindezi.
Abadlali beChiefs bazodlala ngokukhululeka ngoba bengekho abalandeli. Ngibona kuzobasiza abadlali beChiefs ukungabonwa kwabalandeli,” kuchaza uDaniels ecashunwa abeSowetan.
UDaniels (39) uthi kuzoba nzima ukugqugquzeleka emdlalweni njengoba kuzokhala ibhungane enkundleni.
“Sihlalelwe ijoka lokubuya nomphumela emdlalweni. Kufanele sithole indlela yokuzigqugquzela enkundleni.
Silindele umdlalo onzima kwiChiefs kodwa kuyasigquguzela ukunqoba emdlalweni sibhekene nePirates. Kufanele sikhombise izinga elifanayo,” kuchaza uDaniels.
_________________________________________________________________________________________
PROMOTION
Bhalisa i-account ePlaya Bets uthole ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala! Ngaphezu kwalokho, uthola idoposit bonus ka-20% every week! Lapho ke uyazikhethela ukuthi iyiphi ideposit ofuna ithayiselwe ngo-20%, kanye ngesonto.
Nakhu okunye ongakuthola:
R50 Free Sports Bet 😉
+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️
Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa
Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar
