Unozinti weSuperSport United uRicardo Goss uthi ithuba lokuhlala esicongweni seDSTV Premiership uma behlula iPolokwane City liyabagquguzela ngaphambi komdlalo. 

Lamaqembu azotholana e-Old Peter Mokaba Stadium ngehora lesikhombisa ebusuku (19:30). 

AmaTsatsantsa a Pitori ahleli endaweni yesibili kwiligi ngemuva kweMamelodi Sundowns esesicongweni yize inemidlalo emibili esesandleni. 

UGoss uthi abazifakeli ingcindezi kodwa bangakujabulela ukuqhwakela esicongweni noma okwesikhashana. 

“Angeke sizifakele ingcindezi. ISundowns iyiqembu elisezingeni, thina sizozama ukunqoba imidlalo yethu. Sizobona ngemiphumela uma kunomehluko. 

Angiboni kukhona iqembu elingafuni ukuhlala esicongweni. Ngithemba ukuthi sizonethezeka isikhathi eside uma sihlalile phezulu. 

Ukuqhwakela kuyasigqugquzela ukuze sizonqoba. Sihlele ukunqoba yonke imidlalo, sibophe amabhawodi emuva, okuyinto esihlulekile ukuyenza emidlalweni edlule,” kubeka uGoss ecashunwa abeSowetan. 

IRise and Shine yanenebula iSuperSport ngo 4-1 iyiwashisa ijezi kwi-last 16 yeCarling Knockout ngenyanga edlule. 

UGoss uthi bayawazi amaphutha abawenza kulowomdlalo bebhaxabulwa iPolokwane. 

“Sasingajabule ngomphumela. Sakhanda amathuba kodwa sahluleka ukuwasebenzisa. Kwakuzoshintsha amatafula ukube sakwazi ukushaya amagoli. 

Siyakwazi okufanele sikwenze emdlalweni. Sifuna ukuqhubeka nomgqigqo ngoba sisefomini enhle kwiligi. 

Kwakunzima ukuvuma induku. Kufanele siqinise kakhulu kulomdlalo. Sesikulungele ukubabonisa ukuthi asilona leliqembu abalixebula ngo 4-1,” kuchaza uGoss.