Umqeqeshi osabambile kuMaZulu uBrandon Truter uthi uwafuna womathathu amaphuzu uma sebevakashele iqembu lakhe lakudala iSwallows eDobsonville Stadium kusasa.

UTruter waxoshwa kwiSwallows ekuqaleni kwesizini ngenxa yokugqoza kwemiphumela. Ukuphelelwa umsebenzi eDobsonville kwamvulela elinye ithuba njengoba acelwa uSihlalo uSandile Zungu ukuba azobamba okwesikhashana oSuthwini Ngemuva lokuxosha kukaBenni McCarthy.

UBrakkies usayibambe ngakho oSuthwini njengoba engakaze ashaywe emidlalweni emithathu aseyibambile. Banqobe emibili, badlala ngokulingana kowodwa. Kuvela ukuthi lomqeqeshi kungenzeka anikezwe inkontileka ende uma eqhubeka nokukhipha imiphumela emihle.

UTruter uthe ulindele amaphuzu amathathu nakulomdlalo.

“Kunzima ngoba sizodlala neqembu ebengiliqeqesha kudala. Leliqembu libalekela izembe, kuyaphoqa ukuthi liwine. Kuzoba nzima ukudlala nabo, ikakhulukazi ngoba siya eDobsonville. Ngiyayazi inkundla ayikho esimeni esihle.

Abadlali bakulungele ukudlala. Lamaphuzu ngiyawafuna. Sifuna ukuqhubeka nomgqigqo wokungahlulwa, singangenelwa amagoli. Sifuna ukunqoba ngisho sidlala ekuhambeni,” kusho uTruter.

ISwallows inqobe sekunzima emdlalweni odlule ibuya kwiBaroka eyahamba phambili ngamagoli amabili eqandeni. Lomqeqeshi uthi akumthusi lokho ngoba iSwallows iyavuza emuva.

“Siyazethemba kakhulu. Siwafuna ephelile lamaphuzu. Bayiqembu elinzima ukubhekana nalo kulesigaba. Nami ngibuyelwa umunyu, ngifuna ukuwunqoba lomdlalo, nabadlali ngibatshelile.

Lamaphuzu ngiwafuna ngenkani kwiSwallows. Bahlasela ngamandla, bayawashaya namagoli emidlalweni eminingi kodwa bayavuza emuva, yilapho esizogadla khona,” kusho uTruter.