Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokoena uthi ukhathazekile ngesimo sabadlali be-Orlando Pirates kulandela inkulumo kaMandla Ncikazi owaveza ukuthi kunzima ukuncintisana neDowns ngoba I nemali yokuthenga abadlali abaseqophelweni eliphezulu.
ISundowns isethubeni lokudla izicoco ezintathu kulesizini njengoba isiqedile ngeligi neMTN 8. ISundowns ishaye IRoyal AM kuma-semifinals eNedbank Cup ngempelasonto, yangena kowamanqamu ozowudlala neMarumo Gallants eRoyal Bafokeng Stadium ngoMeyi 28.
UNcikazi wathi kufana nokuthi iSundowns ithenga eWoolworths ngoba inemali yokuthenga, iPirates yona icoshacosha eSpar nasePick N Pay.
URhulani uthi uyakhathazeka ngendlela abazophatheka ngayo abanye abadlali bePirates akaziyo ukuthi bayashesha ukuzwela.
“Mina ngizibuza ukuthi inkulumo yakhe ihlala kanjani kubadlali bakhe? Ngiyabazi abadlali bePirates ngoba ngisebenzile nabo. Angifuni ukukhuluma kakhulu. Angifuni ukukhuluma ngalendaba kakhulu. Inkulumo enzima ongayisho lena, mhlampe indlela abona ngayo noma kufanele abezindaba kube yibona abahlaziya lenkulumo.
Kufanele nimbuze ukuthi uchaza ukuthini ngalenkulumo. Uma uzwa lenkulumo ungumdlali wePirates, angiqondi ukuthi ungaphatheka kanjani. Ngiyabazi abadlali bePirates, bayazwela kakhulu. Angeke ngisakhuluma kakhulu, mhlampe uyena uMandla ozochaza kabanzi ngenkulumo yakhe,” kusho uRhulani.
UNcikazi wayedalule lesitatimende ngemuva komdlalo neChippa United owaphela ngo 0-0. Ngalolosuku, iSundowns yadlala ngokulingana neCape Town City, yasinqoba kanjalo isicoco seligi.
UNcikazi wathi sekufanele iPSL iyinakisise indaba yokuqinisa umthetho mayelana nokuthengwa kwabadlali ukuze namanye amaqembu ezokwazi ukumelana nomacaphuna kusale.
“Kuyaphoqa ukuthi siqinise umthetho mayelana nokuthengwa kwabadlali, kuncishiswe izimali ezikhishwayo ngoba iCovid imoshe amaqembu amaningi.
Amanye amaqembu adlala ngabadlali abasuka kwinkulisa. Ezinye izinkulisa zavalwa neSAFA yayivaliwe. ISundowns ithenga eWoolworths, thina sicoshacosha ePick n Pay naseSpar. Uma kuvalwe eSpar nasePick n Pay, asikwazi ukuthenga.