Umqeqeshi obambile kwiRichards Bay uVusi Vilakazi uthi ubelilangazelele ikhefu le-Africa Cup of Nations (AFCON) ngoba uhlele ukulungisa izinto eziningi eqenjini. 

UVilakazi uthi ukunqoba koweligi bedlala neSuperSport kumshintshe umqondo ngoba ubesefuna baqhubeke nokudlala ukuze bezoqhuba umgqigqo. 

INatal Rich Boys ihleli ngesinqe esisodwa ezembeni njengoba ingaphezulu kweCape Town Spurs eyibambe emsileni. IBay isaqoqe amaphuzu angu-13 ngemuva kwemizuliswano engu-16. 

UVilakazi unqobe emdlalweni wokuqala awubambe sekuxoshwe uKaitano Tembo, okube yihlandla lesithathu iBay inqoba kulesizini. 

“Bengilangazelele ikhefu le-AFCON ngaphambi komdlalo kodwa sengishintshe umqondo. Ukunqoba lomdlalo kungishintshe umqondo. Besilidinga ikhefu ukuze sizolungisa ezindaweni ezithize. Njegamanje iqembu alikho ezingeni elihle. 

Kufuneka sizikhandle kakhulu, ikhefu le-AFCON lisinikeza isikhathi sokulungisa amaphutha, sokwazi nokusayinisa abadlali abanesipiliyoni ngoba isikwati siyaxega,” kuchaza uVilakazi ekhuluma nabezindaba. 

UKanu ufike kwiBay ngoNovemba ezolekelela uTembo obebhinjelwa imiphumela. 

Lomqeqeshi uthi abadlali banenkinga yokungazethembi ngenxa yokungayitholi imiphumela. 

“Abadlali banenkinga yokungazethembi. Angeke ngimgxeke umqeqeshi ongasekho ngoba imiphumela ibimphika. Ngicabanga ukuthi ubephatheke kabi ngenxa yalokho. 

Ngiyazwelana nomqeqeshi ngemiphumela, kodwa udlale enkulu indima ekunqobeni lomdlalo. Ngibona isidingo sokuqinisekisa ukuthi abadlali bajabule esikhathini esiningi,” kuchaza uVilakazi.