ISouth African Broadcasting Corporation (SABC) isimemezele ukuthi izoyikhombisa yonke imidlalo ye-Africa Cup of Nations ezoqala ngesonto elizayo.
ISABC iqinisekise lezi zindaba esitatimendeni ngoLwesihlanu lapho eveze khona ukuthi ayigcinanga ngokuthenga ilungelo lokuveza le midlalo eNingizimu Afrika, kodwa inegunya lokudlala neminye imiqhudelwano yeCAF kulo nyaka. Lokhu kuhlanganisa imidlalo yeCAF Champions League eqhubekayo, imidlalo ewu-150 yokuhlungela i-AFCON yango-2025, nemidlalo ewu-32 yeCAF CHAN 2024.
Ngaphezu kwalokho iSABC izokhombisa iCAF Women’s Cup of Nations, CAF Women’s Champions League neCAF Super Cup.
Imidlalo ye-African Football League, enqotshwe yiMamelodi Sundowns, ayibalwa ngoba iCAF inesivumelwano neBEIN Sports, ekhethe ukusebenzisana neSuperSport kule sizini.
I-AFCON izoqala ngoJanuary 13 iphele ngoFebruart 14. IBafana Bafana ingeke kuGroup E kulo mqhudelwano, iqhathwe neNamibia, Tunisia neMali okungamaqembu anzima.
Leli qembu eliphekwa wuHugo Broos, onqobe lo mqhudelwano ngo-2017, lizovula ngeMali kodwa ngaphambi kokubhekana nayo lizoqale libhekane neLesotho kowobungani ngoJanuary 11.