Umdlali weLiverpool ongaphansi kwengcindezi selokhu iqalile isizini ka-2022/2023, uVirgil Van Dijk usegxeke izinkakha ezazidlala ibhola esezingabahlaziyi ngezinkulumo ezingakhi. UVan Dijk uzwakalise ukungenami kwakhe ekhuluma ngemuvua komdlalo weLiverpool ne-Ajax, abawunqobe ngo 2-1. Lo mphumela ububalulekile kwiLiverpool kwazise ngesonto eledlule ithelwe ngehlazo inenebulwa ngo 4-1 eNaples.
“Bekudingeka ukuthi sikhombise izinga lethu ngemuva komdlalo omubi eNaples. Akukho lula ukuguqula izinto ngemuva kokushaywa kanheya kodwa bekubalulekile ukuthi sinqobe ngaphambi kwekhefu leFIFA.
“Asibalaleli kakhulu abantu abangaphandle kweLiverpool. Kunabantu ababedlala ibhola abazi kahle izimo esidlula kuzo, basho noma yini ukuthikameza umoya wethu, siyazi asidlalanga kahle emdlalweni odlule kodwa senze kangcono namhlanje (izolo),” kusho uVan Dijk.
Owayedlalela iManchester United osehlaziyela iBT Sport, uRio Ferdinand, osondelene nalo mdlali, uthe ukugxekwa kwabadlali beLiverpool ngemuva komdlalo weNapoli kwakufanele.