UZitha Kwinika uthi wayengazi ukuthi kumele ajabule noma akhululeke emoyeni ngesikhathi eshaya igoli lokulinganisa emdlalweni weligi bedlala neMarumo Gallants.
UKwinika wenza iphutha elagcina liholele kwigoli leGallants elashaywa uMahlatsi Makudubela.
Lomdlali usebonakala kuyona yonke imidlalo yeChiefs kulesizini (8).
“Kuyiqiniso, ngangihlukene kabili ngokomcabango. Izinto zenzeka ngenxa yezizathu ongasoze waba nolwazi ngazo. Ngangifuna ukulungisa izinto ngesikhathi ngenze iphutha. Sasifuna ukubuya namaphuzu agcwele.
Sibhekene nobunye ubunzima. Akusiyo into ebesiyilindele kodwa izinto seziyajika. Siyahlangana siyiqembu, sithemba ukuthi sizonyusa izinga, sithole amaphuzu agcwele, sijabulise abantu,” kubeka uKwinika.