Uhlalele ovalweni umphakathi waseHarare, eKhayelitsha, kulandela ukusocongwa kwabantu abayisishiyagalombili izolo.
Amaphoyisa izolo ahambele izigameko ezintathu ezahlukene zokubulawa kwabantu kule ndawo ekleliswe endaweni yesithupha uma kubalwa izindawo ezinamacala okubalwa kwabantu esifundazweni iWestern Cape.
Okwamanje amaphoyisa asaphenya ngokuholele kwizigameko zayizolo.
Ngabo-06:00 ekuseni amaphoyisa abizelwe esigamekweni sokudubulana kuNcumu Street lapho kutholwe khona izidumbu zabesilisa abane nowesifazane oyedwa zinamanxeba okudutshulwa. Ngesikhathi amaphoyisa ethumela isitatimende ababulewe bebengakaziwa ukuthi bangobani.
Amaphoyisa athi lesi sigameko kungenzeka ukuthi sihlobene nezinye izigameko ezimbili zokubulawa kwabantu ezenzeke ezintatha. Kuqale kwabulawa owesilisa nentombi yakhe kuFeza Street khona eHarare. Kulandele esinye isigameko sokubulawa kowesilisa endaweni efanayo ezintatha. Ekuseni kube sekuqhuma isibhamu futhi kwabulawa abahlanu.
Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi ngaleli cala ukuba athinte uColonel Mthetho Maxabaniso ku-082 339 7320 noma iCrime Stop ku-08600 10111.