Isikhungo semfundo ephakeme i-UNISA, sesiqinisekise izindaba zokuthi kuphenywa izitshudeni ezingaphezulu kuka-1450 ezisolwa ngokukopela nokungathembeki.

I-UNISA ithi izozama ukubhekana namacala awu-76 ngesonto ukuze isheshe iluphothule lolu daba.

Esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu obambe isikhundla sika-vice president kulesi sikhungo uRamagoai Magano uveze ukuthi uphenyo lwenziwa ngendlela efanele futhi luhambisana nemigomo yase-UNISA.

“Kumele sikugcizelele nokho ukuthi izitshudeni eziphenywayo zivumelekile ukubhalisela ukuqhubeka nezifundo zabo, njengendlela yokuqinisekisa ukuthi umsebenzi wabo wesikole awuphazamiseki uma betholwa bengenacala,” usho kanje.

I-UNISA ithi ibize isithangami ngalolu daba ngoba seluze lwafika ezindlebeni zomphakathi. Bathi noma kunjalo nokho, ngeke iguqule indlela okubhalwa ngayo izivivinyo zokuphela konyaka.