Isiqala ukushisa insimbi kumqeqeshi weBayern Munich, uThomas Tuchel, kulandela ukudliwa yiWerder Bremen emdlalweni weBundesliga izolo.

Bekungokwesibili iBayern idliwa emdlalweni weligi kule sizini, kodwa. Isisele ngamaphuzu ayisikhombisa kwiLeverkusen esesicongweni.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uTuchel uhlulekile ukufihla ukuphoxeka kwakhe.

“Besizimele esiwombeni sokuqala. Silahle ibhola izinkhawu eziningi, sabavumela besihlasele kalula futhi besihluleka ukugcina ibhola ngendlela efanele. Kusifanele ukudliwa.

“Besingadlalisi okweqembu elifuna ukunqoba noma elifuna ukunqoba isicoco seligi. Lokho sikwenze ngemzuzu ewu-20 yokugcina emdlalweni.

“Uma ujoyina iBayern uyazi kumele uzinikele 100% ngaso sonke isikhathi. Namhlanje sidlale sengathi sihamba phambili ngamaphuzu awu-10 esicongweni kwiligi.”

IBayern izobhekana ne-Union Berlin ngoLwesithathu, uzothola ithuba lokusondela kwiLeverkusen njengoba inomdlalo esandleni.