Ukapteni weDR Congo uChancel Mbemba uvike izinhlamba ezinokucwasa ngokwebala ezinkundleni zokuxhumana ngemuva komdlalo we-AFCON bedlala ngokulingana neMorocco ngeSonto.
UMbemba uthunyelwe izithombe nemibhalo enokucwasa ekhasini lakhe ku-Instagram. Izigilamkhuba zithumele izithombe zezinkawu nezimfene ngoba zigcona lomdlali oxabene nomqeqeshi waseMorocco sekuphele umdlalo.
UMbemba (29) udlalela iMarseille edlala esigabeni se-Uber Eats Ligue 1 eFrance.
Lomdlali uhilizisane noWalid Regragui sekuphele umdlalo. Ingxabano yakhe noRegragui ikapakele kubadlali nabaqeqeshi okushode kancane ukuthi bafingqelane amaqupha.
URegragui uzifikele mathupha kuMbemba esathandaza ngesikhathi unompempe esewuqedile umdlalo. UMbemba uxhawule lomqeqeshi, ezitshela ukuthi akunankinga phakathi kwabo. Lomqeqeshi akasidedelanga isandla sakhe, waqhubeka nokukhuluma, okuyinto ecasule uMbemba odedele isandla ngendluzula.
DR Congo Chancel Mbemba racially abused after their 1-1 draw against Morocco yesterday. pic.twitter.com/Rb3is04wJy
— Yimzy (@oyimzy) January 22, 2024
Ekhuluma nabezindaba eSan Pedro, uMbemba usole uRegragui ngokumthuka.
“Angifuni ukukhuluma, kungcono ngizithulele. Ngiyabahlonipha bonke abantu. Bengingalindele ukuzwa leyankulumo kumqeqeshi,” kuchaza uMbemba.