Umqeqeshi weChelsea, uThomas Tuchel, uthi kumcasulile ukubona iqembu lakhe, elinqobe iChampions League kumasizini amabili edlule, lidliwa iDinamo Zagreb yaseCroatia.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uTuchel uthe ngathi ubebuka ifilimu abengaqondile ukuyibuka ngoba ubezitshela ukuthi ezakhe sezingenile egiyeni kulandela ukunqoba umdlalo odlule kwiPremier League. IChelsea ihluleke yancama ukwakha amathuba amahle okuvalela igoli izolo yagcina idliwe ngo 1-0.
“Bengibuka ifilimu engiyivule ngephutha. Bengicabanga ukuthi umdlalo odlule usisizile. Bengithi sikhombisile izinga lethu emdlalweni onzima sibhekene neWest Ham, sathola umphumela omuhle ngaphansi kwezimo ezinzima,” kusho uTuchel.
“Siziqeqeshe kahle, bengithi iqembu likulungele ukudlala, bengithi siyazi kusho ukuthini ukudlala kulo mqhudelwano. Bengingazitsheli ukuthi sizodliwa, yikho ngicasukile.
“Kuningi okumele sikuhlaziye, nami ngiyingxenye yenkinga. Asikho ezingeni okufanele sibe kulo futhi lokho kusezandleni zami, nathi sonke. Njengamanje akukho esikwenza kahle,”