Umdlali weMan United obolekiswe kwiMarseille eFrance, u-Eric Bailly, usekhuze umkhuba wokubekwa phambili kwabadlali base-England kuleli qembu.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo weMarseille kwiChampions League lo mdlali ukubeke kwacaca ukuthi ubenenkinga nokuqaliswa kwabaldlali base-England ngaphambi kwakhe. Uyedwa umdlali wase-England obebanga ijezi noBailley emuva, ukapteni uHarry Maguire.

“Iqembu kumele liwugweme umkhuba wokuchema nabadlali base-England, linikeze wonke umuntu ithuba. Kumele bagqugugquzele ukuncintisana, bengakhethi abadlali ababodwa. Bengihlale nginomuzwa wokuthi kunakwa abadlali ababizwa esikwatini se-England.”

“Ayenzeki leyonto kwiChelsea nakwamanye amaqembu amakhulu kwiPrimer League. Abanye abantu bakuthatha kancane ukuthi baqala imidlalo, okuyinto ethambisa iqembu. Ngenhlanhla uTen Hag ucabanga ngenye indlela futhi ngiyethembva uzosiguqula lesi simo,” kusho yena.

UMaguire noLuke Shaw, abebebizwa kwi-England emnyakeni edlule, balizwa ngendaba ijezi kwiMan United kulezi nsuku. Selokhe yanenebulwa ngo 4-0 ibhekene neBrentford FC i-United laba badlali baqala ebhentshini.