Umqeqeshi waMaZulu uBrandon Truter uthi bazoqhubeka nokulwela ukuba omakhonya beDSTV Premiership kulesizini ngemuva kokubuya nephuzu elilodwa bebhekene neKaizer Chiefs kwiligi.

Usuthu lunyukele endaweni yesibili ngamaphuzu angu-11 emidlalweni eyisithupha.

AmaZulu anethuba lokuqhwakela esicongweni uma eshaya iChippa United ngoMgqibelo, okuwumdlalo osesandleni ngoba iRoyal AM eqhwakele ibashiya ngomdlalo owodwa.

Ukuqala isizini ngegiya eliphezulu kunikeze uTruter ithemba ngeligi, uthi nabadlali imbala bafuna ukufaka iligi emakhabetheni ahlala izindebe.

“Ngakubeka obala ukuthi sifuna ukunqoba iligi ngemuva komdlalo weGalaxy, kwakukhona abantu abahleka, bengibukela phansi.

Umqeqeshi uManqoba washo naye ukuthi angeke uqeqeshe kodwa ungenalo inhloso yokunqoba iligi. Angiboni kulungile ukuthi amaqembu aqale isizini esecabanga ukuvika izembe noma ukuqeda kwiTop 8. Kufanele silwele ukuzuza okukhulu,” kubeka uTruter ekhuluma nabezindaba eFNB Stadium.

Usuthu luzophinde lutholane neChiefs emidlalweni emibili yama-semi-finals eMTN 8.

UTruter uthi nabadlali bakhe bayakholwa ukuthi bengayinqoba iligi kulesizini.

“Abadlali bayazethemba nabo. Kufana nokukholelwa kuKrestu noma enye inkolo. Izinto ziyenzeka, zivuleke uma uzithandazela. Nathi siyakholwa kakhulu ngokunqoba iligi.

Angeke ngijabuliswe ukuba yingxenye yeligi, ngilwele iTop 8,” kubeka lomqeqeshi.