Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi imphathisa ngekhanda indaba yesikimu seqembu okufanele asisebenzise ngeSonto uma iqembu lakhe selidlala neMaritzburg United kwiligi.
URiveiro ubekhuluma noRobert Marawa, wamtshela namalungiselelo eqembu njengoba sekusondele umdlalo.
“Bonke abadlali bayazikhandla ukuze bezothola isikimu nokuba yingxenye yeqembu. Abajimeli nje ukuba yimqemane kuphela.
Bayazikhandla ukuze bezothola ijezi, impilo yami iqala ukuba nzima. Kunzima uma sekufanele ngiqoke isikimu, ngklibhekana nenkinga,” kubeka lomqeqeshi.