Inkosikazi kaFelix Hlophe, uTracy Smith, useshicilele isitatimende ecacisa ngobudlelwano bakhe nozoba ngumfazi wesibili walo msakazi.
UTracy ufake umbhalo ohamba namavideo ekhasini lakhe kuFacebook kumbhalo okusale kancane ukuthi atshele abantu ukuthi banake izindaba zabo kuwo.
“Kuningi osekushiwo ngomndeni wami, ngami, futhi sekufakwe nabanye abantu kushiwo izinto ezingekho. Bengithi ngizothla ngalento kodwa ngizizwa ngiphoqelekile ukuthi ngikhulume.
“Izolo siqophe ilive sizama ukuziqhelelanisa nezinto ezikhulunywayo. Udaba oluthinta u-Ayanda olwangasese.
“Sicela ukuhlonishwa ngendlela esikhethe ukuhlela ngayo umndeni wethu. U-Ayanda sengimaze isikhathi eside. Ngesikhathi ngiqala ukumazi ngaphatheka kabi kodwa ngamazi ngokuhamba kwesikhathi, ngamamukela.
“Yonke lento intsha, sizonazisa ngokunye uma isikhathi sesifanele. Okwamanje sicela ukuthula. Akukho mshado. Umshado okhona ngoSeptember ngowethu wesintu. Siyabonga.”
UTracy uphawula kanjena nje kuleli sonto uFelix uqinisekise ukuthi uzothatha umfazi wesibili kuwo lo nyaka.