Usekhiphe eminye imininingwane ngokwenzeka osukwini avuka ngalo embhedeni kaDJ Tira umculi waseThekwini osafufusa uLuke Ntombela.

ULuke ukhulume nabasakazi boKhozi kwiVuka Afrika Breakfast Show kulandela ukuba sematheni kodaba alufake ezinkundleni zokuxhumana efuna izimpendulo kulo DJ ngokuvuka embhedeni wakhe engasakhumbuli lutho ngokwenzekile.

Echaza, uqale waveza ukuthi uTira wamazi ngemuva kokuba yingxenye yeClash of the Choirs ngo-2014, ekwi-choir yaseKZN, kodwa uqake ukusebenza naye ngonyaka u-2017.

“Wazama ukushela ngiphuma kwiClash…wafika ezobona mina ngoba wayeseseka, ngokuhlonipha owayengu-choir master wethu engingeke ngithande ukumdalula ngegama, ngamlalela kodwa ngazi ke ukuthi ubhuti angimthandi. Angimqomanga ke kusukela lapho ngoba vele ngangingamthandi.

Ebuzwa ngosuku lwangayizolo ngaphambi kokuvuka embhedeni kaTira, uthi akakhumbuli kunophuzo oludakayo, kodwa kwakuqoshwa imusic video.

Uthi waphalela endlini kaTira ngoba istudio sikwakhe, futhi kwakuzoba seduzane ukubiza i-uber esuka kwakhe bese eya ekhaya kubo.

“Ngangizolinda yena ukuthi uma eseqedile lokhu akwenzayo, angibizele imoto bese ngiya ekhaya. Ila engithuka khona ke sengivuka eduze kwakhe sengibona ukuthi angikho ekhaya. Okunye engingathanda kwaziwe ukuthi kwakhe nestudio, kusegcekeni elilodwa. Ngibonile abantu ezinkundleni zokuxhumana bephawula bethiu ngangifunani kwakhe. Kusegcekeni elilodwa, kuhlekene iminyango”

“Ngangilindile nje ukuthi angibizele imoto…ngiyacabanga futhi ukuthi njengomuntu uma unesivakashi kungenzeka ukuthi wangipha okokudla noma isiphuzo, okwangenzake ukuthi ngigcine sengikhohlwa konke, ngazithola sengivuka embhedeni wakhe,” usho kanje.

Uthi uTira wayengafake lutho ngenhla emzimbeni kodwa akamphenyanga ukubona isimo sangezansi. Ebuzwa ukuthi wavuka ebhushuzela, noma egqokile, uthi akasakhumbuli, kodwa wazibona esegeza, waphinde wazibona esegqokile, efake izingubo ayezigqoke ngayizolo.

Ngesikhathi enaka ukuthi kuyiSonto, uthi wasuka lapho wacela ambizele imoto aye enkonzweni, kodwa wayedidekile ukuthi kwenzekeni.

UDJ Sgqemeza ube esembuza ukuthi umzimba wakhe wawumtshela yini ukuthi ‘kukhona into eyenzekile’.

“Uma uwumuntu wesifazane uyezwa ukuthi kukhona into eyenzekile lana, kuwukuthi awunaso isiqiniseko, ngoba ngisadidekile. Kodwa ngasengiqapha nendlela ayesefisa engathi ngingahlala naye ngayo, ukuthi hhayi maan, akukwazi ukuthi akwenzekanga lutho…ngoba kumele ngabe sonke sithukile uma kuwukuthi sithathe into eyodwa ngayizolo. Wayezipholele…”

AboKhozi baphinde bambuza ngendaba yemali ake ayilwa noTira ngaphambi kokuvela kwalolu daba. Ukuqinisekisile ukuthi eqala ukuposta ubefuna ukuveza ukuthi udlala ngamaciko asafufusa.

“Ngithe uma sengibona indlela abatatazele ngayo besabona nje lawa mapost, ngabona ithuba lokuthi angivele ngivuse loluya suku ukuthi ngicela angichazele ukuthi kwenzakalani. Mina sengikwamukele ukuthi akukho mali engiyenze ngamaculo…ngithole ithuba lokuthi ngicele ukubuza ngalento ngoba iyangihlukumeza.”

“Ngifuna ukuthola ukuthula, bese ngiyawadiliza ke amapost akhala ngawo. Ayihlangene ngemali lento. Uma ngabe bengifuna imali, kade aqale ukungibuza ukuthi ngifuna malini ngimazisa ukuthi ngeke ngikwazi ukubeka inani, engikufunayo nje ukuthi angichazele ukuthi kwenzekani ngosuku.”

Uthi indlela ayethuke ngayo, akakucabanganga ukuya emtholampilo ngosuku avuka ngalo kwaTira.

“Inhloso yami akukona ukudicilela isthunzi sakhe phansi. Kuyishwa ukuthi sekuhambe kwaze kwafika la. Ukube wangichazela njengoba ngangicela, bengizoba nokuthula ngisuse konke engikubhalile.