Umqeqeshi weSekhukhune United onesifiso sokuqeda kwitop 3 kule sizini, u-Eric Tinkler, uthi uzosebenzisa ikhefu leFIFA ukuzama ukubuyisa ukuzethemba kubadlali njengoba zingahambi kahle izinto kulo nyaka.
U-Eric Tinkler uthi kufanele bashintshe ukwenza emasontweni ambalwa ezayo ukuze bayiqede kahle isizini njengoba sebesele nemidlalo ewu-8 kule sizini.
“Ngiphoxekile ngendlela esidlala ngayo esiwombeni sesibili sesizini, asidlali kahle futhi asikhombisi ukuzethemba ngendlela esasikukhombisa ngayo ekuqaleni kwesizini,” kusho uTinkler.
“Manje kufanele ngigxile ekubuyiseni ukuzethemba kubadlali.”
ISekhukhune ikunombolo 6 kwilog yeBetway Premiership ngemuva kokuchitha izinyanga kwitop 4. UTinkler emasontweni edlule uphumele obala ngokuthi isifiso sakhe ukuqeda kwitop 3 ukuze bezodlala e-Africa ngesizini ezayo, wathi indaba yesicoco seligi ifakwe abantu, ayiqhamukanga kuye.