Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usephumele obala ngafisa ukukuzuza neqembu lesizwe kwi-2026 FIFA World Cup.

IBafana izovula iWorld Cup neMexico ngomdlalo wokuqala womqhudelwano ozodlalwa ngo-11 June. Kuzobe kungokwesine iNingizimu Afrika idlala kwiNdebe yoMhlaba. Emlandweni ayikaze idlule esigabeni samaqoqo.

“Phambilini bekudlula unombolo 1 nonombolo 2, manje sekuyadluleka noma uqede endaweni yesithathu,” kusho uBroos.

“Lokho kusho ukuthi maningi amathuba okudlulela phambili nge-draw ne-win eyodwa. Lokhu angikusho ngoba ngithi kufanele sifele kunombolo 3, uma likhona ithuba lokuqeda endaweni yesibili noma esicongweni, sizolisebenzisa.

“Kodwa okubalulekile wukudlulela esigabeni esilandelayo emazweni ‘angekho makhulu’ ebholeni. Amazwe amakhulu afuna ukuqeda esicongweni noma okungenani kunombolo 2. Uma kuzongena iDenmark eqoweni lethu, ngeke idlalele indawo yesithathu. Ngeke iwucabange nokuwucabanga.

“Ngisho neMixico ayiyicabangi indawo yesithathu. Nathi sifuna ukucabanga ngendlela efanayo, kodwa siyakwamukela ukithi uma singaqedi phezulu noma kunombolo 2, kufanele silwele ukuqeda kunombolo 3.”