Umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler ukhomba ibhadi elibaqhatha nenduku yize bedlala ibhola eligculisayo.
ICity isanqobe umdlalo owodwa kwemihlanu eyedlule kwiBetway Premiership, yabanjwa ngesibhaxu kwemithathu.
Ukugqoza kwemiphumela kudonsele iCityzens ngasezembeni njengoba isihleli kunombolo 13 kwiligi namaphuzu angu-8. IRichards Bay, ebambe amabhuleki kunombolo 16, idinga amaphuzu amathathu ukuze ifice iqembu likaTinkler.
“Angiyibheki imiphumela kodwa nginaka nebhola esilidlalayo. Siqhuba kahle impela kodwa sishoda ngenhlanhla kuphela,” kusho uTinkler ekhuluma nabezindaba.
ICity yahlulwa yiSekhukhune United ngo 1-0 koweligi ngesonto eledlule.
UTinkler uthi ezakhe zadlala kangcono osukwini kepha zaphikwa umphumela.
“Sadlala kangcono osukwini, ngibala isiwombe sokuqala nesesibili. Izitha zathola iphenathi sekusele imizuzu engu-20 kuphele umdlalo, lokho kwashintsha izinto sahubha umdlalo.
“Ithuba lezitha lavuleka lapho. Kunzima ukuhlaziya umdlalo ngaleyondlela. Umdlalo ngawubhekisisa kungakafiki nesigameko sephenathi ngoba yithina esasiwuphethe,” kusho uTinkler.
UTinkler uthi uLefa Aphane, owajoyina iqembu ngoJulayi esuka kwiTzaneen United edlala ku-ABC Motsepe League eLimpopo, usahlalelwe ukubamba amaqhinga ambalwa ngoba usebenza ngokuzikhandla.
“U-Aphane unekusasa eliqhakazile kodwa udinga ukufunda amaqhinga ambalwa. Ngambona nasemdlalweni weSekhukhune ukuthi uyashoda kancane ngokolwazi lwebhola. Usebenza ngokuzikhandla ejimini,” kubeka uTinkler.
ICity izotholana neChippa United koweBetway Premiership, eBuffalo City Stadium, ngoMgqibelo.