Umqeqeshi omusha weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ubalule eyobumbano kubadlali kulandela ukunqoba okokuqala kwiCAF Champions League beguqisa iRaja Casablanca ngo 1-0 eLoftus Versfeld, ngeSonto.

U-Iqraam Rayners uvalele igoli elikhuphule iBafana Ba Style yahlala endaweni yesibili kuGroup B. 

IDowns ibinqoba okokuqala ngaphansi kwesandla sikaCardoso kwazise obengumqeqeshi oxoshiwe uManqoba Mngqithi wadlala ama-draw amabili.

UCardoso uthe kumjabulisile akubone eqenjini kwazise banesikhathi esiyizinsuku ezine bendawonye. 

“Ngijabule ngomphumela. Ngibonga abaphathi nabalandeli ngokweseka iqembu kulezinsuku ezine. 

“Ngijabule ngebhola elidlalwe yiqembu, ikakhulukazi ukuzinikela kubadlali selokhu ngifike nethimba lami. Babukeka bezowajwayela amaqhinga engizofika nawo kodwa ubumbano olugqame namuhla lungijabulisile.

“Bengivele ngilindele umdlalo onzima ngoba siqhathwe eqoqweni eligcwele amaqembu asezingeni eliphezulu. IRaja isinikeze umdlalo oshubile kodwa sikwazile ukuyihlula.

“Iqembu likhombise ukuvuthwa enkundleni. Abadlali babumbene, kugqamile ukuthi bawumndeni,” kusho uCardoso ekhuluma nabezindaba.

IDowns iyalingana ngamaphuzu amahlanu ne-AS FAR Rabat yaseMorocco ehleli esicongweni. 

UCardoso uzobingelela abalandeli koweBetway Premiership maphakathi nesonto njengoba ezakhe zizobhekana neStellenbosch ngoLwesithathu.